Kuphenywa Imbangela Yokubhodloka Komgaqo eGoli

Written by on 20 July, 2023

By: Buhle Mbhele

Abezimo eziphuthumayo eGoli bathi ayikacaci imbangela yokuqhuma okwenzeke emgaqweni uBree maphakathi nalelidolobha.

Okwamanje uyedwa umuntu okusabikwe ukuthi ushonile kulesisgameko kanti bangu-41 ekubikwa ukuthi bangeniswe ezibhedlela ezahlukene ngemva kokulimala kulesisgameko.

Izolo ntambama, ukuqhuma okungakaziwa ukuthi kudalwe yini, kubhodloze lomgwaqo omatasa nonerenki enkulukazi yamatekisi kwalimala izimoto eziwu-37 iningi lazo okungamatekisi, eziye zazo zagingqika zalala ngohlangothi.

Oyimenenja kamaspala wase Goli uFloyd Brink uthi mkhulu umonakalo owenzeke kulomgwaqo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Kanti uNdunankulu waseGauteng u anyaza Lesufi uthi abantu abahlala emaflethini akulomgwaqo bazothuthelwa ezindaweni zesikhashana njengoba besabela impilo yabo.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background