Kuphunyuke Isalukwazi Emvakokutholana Phezulu Nezinswelaboya

Written by on 13 October, 2021

By: Nompendulo Ngubane

Isaguga esineminyaka engu-64 esisinde ngokulambisa singenelwa sihlaselwa emzini waso ezintatha, sithi sisahlalele ovalweni emva kwalesigameko.

Logogo wasendaweni yase Ashdown eMgungundlovu, esingeke silidalule igama lakhe ngezizathu zokuphepha kwakhe, ungenelwe abafana ababili bamkhomba ngezibhamu base bembopha umzimba emva kokuthi elwe watholana phezulu nomunye wezigebengu.

Zigcine zimkhuleka ngoba ezihlula ngamandla.

U-Nompendulo Ngubane uyabika:

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, ukwanda kwezigameko zobugebengu kulendawo sekushiye umphakathi uhlalele ovalweni ngaso sonke isikhathi.

Amalungu omphakathi akhathazekile, athi awasakhululekile ngoba abantu abadala bahlala bodwa emakhaya nokwenza ukuthi izigebengu zizicanasele ziphinde zihlukumeze umphakathi ikakhulukazi leyo mizi ehlala izaguga kuphela.

Abahlali baleli lokishi bachaza kanje bekhuluma nezindaba ze-Gagasi FM mayelana nezinselelo zobugebengu abathi babhekene nazo:

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background