Kuqeqeshwa Abasebenzi Baka-Hulumeni

Written by on 25 June, 2021

By: Lindelani Mbatha

Usekela-Ngqongqoshe wezabasebenzi bakahulumeni, uSindisiwe Chikunga, uthi izinhlaka ezahlukene zikahulumeni kumele zisebenzisane ukuqinisekisa ukuthi azenzi umsebenzi owodwa kodwa zingazi.

Izolo umnyango kaChikunga ububambe ingqungquthela ngezobucwephe yokudingida ngezinhlelo zikahulumeni zokuqinisekisa ukuthi izinsiza zifinyelela emiphakathini ngokuphuthuma.

Ekhuluma nabezindaba ze-Gagasi FM, uChikhunga uveze ukuthi uhulumeni wathula uhlelo olwaziwa ngeDistrict Development Model ukuqinisekisa ukusebenzisa kwezinhlaka zikahulumeni ngokwehlukana kwazo.

Uthi bayazi ukuthi akukho lula ukuthi loluhlelo lusebenze ngendlela njengoba bonke abasebenzi bakahulumeni benezinhlelo kanye nemigomo abasebenzela ngaphansi kwayo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background