Kuqhakambiswa Ukuvikelwa Kwamaholo
Written by Mfundo on 5 September, 2022
By: Zilungile Mkhize
Esinye sezikhulu enkampanini ebhekelele imishuwalense nokunye, uZanele Ntulini, sithi kuningi okungenziwa ngabantu besifazane ababhekene nejoka lokunakekela imindeni ngabodwa, ikakhulu ezinhlelweni zokonga imali.
UNtulini noyisikhulu esiphezulu kwa-Bidvest Life, uthi kubalulekile ukuthi umuntu avikele futhi aphathe ngendlela yonke imali ayiholayo.
Uthi isikhathi esekuphilwa kuso njengamanje, ikakhulu isimo somnotho, senza kubenzima ukuqongelela imali eyanele ukubhekana nezindleko ezikhula njalo zosuku.
UNtulini uthi enye indlela yokuqinisekisa ikusasa lakho nelomndeni kwezezimali, ukuqikelela ukuthi imali oyiholayo ivikelekile.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.