Kuqinisekiswa ukushona kwababili emva kwezimvula zangempelasonto.
Written by Phakeme Mnguni on 23 December, 2024
By: Pamella Majola
UMaspala weTheku usukuqinisekisile ukuthi sekushone abantu ababili ngenxa yezimvula ezinamandla ebezihambisana nokuduma kwezulu.
Okhulumela uMaspala uGugu Sisilana uthi laba abashonile bashonele endaweni yaseNkanini ngase Cator Manor ngaphandle nje kancane kwedolobha kanti ke kukholakala ukuthi bashaywe umbani bashonela endaweni yesigameko.
Uqhuba ngokuthi abezinhlekelele baphoqeleke ukuthi basebenze ubusuku bonke izolo ukutakula laba abashonile.
U Sisilana uthi kukhona nodonga oluwele phezu kwezindlu eziyimikhukhu kodwa ngenhlanhla kwangashona muntu.