Kusakuningi Okulindeleke KwiSilo Esisha

Written by on 10 May, 2021

By: Lindelani Mbatha

Isazi sesintu usolwazi, uSihawu Ngubane, sithi iSilo samaZulu esisanda kungena esihlalweni, uMisuzulu, ngeke sibekwe ngokusemthethweni esihlalweni sikaNgangezwelakhe singakaganwa.

NgeSonto uNdunankulu wesizwe samazulu, Inkosi uMangosuthu Buthelezi, umemezele ukuthi iNdlunkulu ivume ngo elethu ukuthi uBayede uMisuzulu kube nguye ohola uZulu wonkana.

Phambilini kwakuqagulwe ukuthi iSilo uMisuzulu siyomenyezelwa njengeNkosi yamazulu uma sesiganiwe, kodwa lokho kubuye kwashintsha emvakokuba kukhothame iNdlovukazi uMantfombi Dlamini-Zulu.

uMadlamini-Zulu nozalwa ebukhosini baseSwatini nguye owayenikezwe amandla okuba aphakamise lowo ozongena ezicathulweni zikaNgangezwelakhe.

uNgubane uthi uMisuzulu unezinyanga ezimbalwa ukuthi agcagcelwe.

UNgubane uqhuba ngokuthi uBayede usalelwe usembenzi omkhulu wokubumba ahlanganise iNdlunkulu kanye nesizwe samaZulu sonkana.

Phambilini kuke kwabakhona umdonsiswano ngozothatha lesisikhundla njengoba abanye bephakamisa uMtwana uSimakade-Zulu njengokufanele angene esihlalweni sobuholi.

uNgubane uthi njengoba manje uMisuzulu esemenyezelwe kufuneka akhombise amava nobuhlakani.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background