Kusame Nse Ukufunda e-DUT Kulwelwa u-NSFAS

Written by on 6 April, 2022

By: Sanelisiwe Dlangamandla

Siyaqhubeka isiteleka sabafundi enyuvesi yase Durban University of Technology (DUT), abathi akukho mfundi ozongena eklasini afunde abanye bengafundi.

Labafundi asebegcwele izinkalo zeNingizimu yeTheku bakhala ngezinkinga ezihlukene okubalwa phakathi ukungavunyelwa ukubhalisela unyaka ka-2022 wokufunda ngenxa yokuthi banezikweletu zonyaka owedlule.

Baqhuba ngokuthi uNSFAS nawo awufakanga imali yokuba abafundi badle kanye neyezincwadi zokufunda, abanye abafundi abakwazi ukungena ezindaweni zokuhlala kuze kube uNSFAS ukhokhela lesisikhungo imali oyikweleta sona kusukela ngonyaka ka2018.

Ngenyanga eyedlule, ungqongqoshe wemfundo ephakeme uBlade Nzimande wathi abafundi bayoze bathole imali ka-NSFAS kusukela ngalenyaga ka-April.

Khonamanjalo, uConvener wabafandi ngaphansi kophiko lwe EFF Student Command, uNhlakanipho Maphalala, uthi izinkinga eziphakathi kwalenyuvsi nohulumeni ziphazamisa ikusasa labafundi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background