Kusasinda Kwehlela Embonini Yezokuvakasha

Written by on 6 April, 2021

By: Zilungile Mkhize

Ababhekelele ezokuvakasha kuleli iSA Tourism, bathi isimo sezomnotho kulemboni siyoze sibe ngcono uma uhulumeni eseqale ngokuphelele uhlelo lokugoma izakhamuzi ngomjovo wokuvikela iCOVID-19.

Sithi njengamanje izinto azihambi neze kahle ngenxa yokuthi izivakashi eziningi ezingenisa imali, okuyilezo eziqhamuka emazweni omhlaba azizi kuleli ngenxa yezibalo eziphezulu zabantu abahaqwe yileligciwane.

Oyisikhulu esiphezulu kwa SA Tourism, uSisa Ntshona, uthi abanye abantu baxwayiswa ukuba bangezi kulelizwe njengoba lisasalele emuva kakhulu ohlelweni lokugoma izakhamuzi.

uNtshona uthi lokhu sekubeke amabhizinisi amaningi engcupheni yovala unomphela.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background