Kusayinkinga Enkulu Ukushoda Kwezinsiza Kusebenza Emtholampilo Yakuleli
Written by Mduduzi Phungula on 7 October, 2022
By: Nompendulo Ngubane
Ikomiti lezempilo eSishayamthetho saKwaZulu Natal lithi amagebe ezinsizakusebenza ezibhedlela kumele abhekisiswe bese eyalungiswa.
Lokhu kuvezwe uSihlalo walo leli komiti, uNomakiki Majola emva kokuvakashela izibhedlela kumasipala i-Dr Nkosazana Dlamini Zuma ngenhloso yokubheka ukuthi ngabe umsebenzi wenziwa ngendlela yini ezibhedlela.
Leli komiti liye lihambe libheka indlela abasenzi bezempilo abasebenza ngayo nokuthola ukuthi ngabe imigomo okumele ilandelwe abasebenzi bayayilandela yini.
UMajola uthi ezinye ke zezibhedlela zisenenkinga yokungabi nezinsiza kusebenza nokwenza umsebenzi ungabi lula.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.