Kusazoguga Iphakethe Kwabashayeli

Written by on 2 March, 2021

By: Bright Ntuli

Abashayeli kuzodingeka ukuthi baphinde bangene ngokuthe xaxa emaphaketheni abo njengoba intengo ka petrol izokwenyuka nje phakathi kwamabili.

Kusasa kuzosa intengo ka petrol isikhuphuke ngo 66 cent ilitha, eka diesel ngo 57 cent ilitha kanti eka paraffin yona izokwenyuka ngo 49 cent ilitha.

Inhlangano ebhekele ezezimoto iAA ithi lokwenyuka kwentengo ka petrol kuza njengoba iminotho yamazwe omhlaba isiqala ukunyakaza, ngemva kokusabalaliswa kwemijovo yokugomela iCOVID-19.

Iqhuba ngokuthi lokhu sekwenze nokudingeka kuka oyela kwenyuka, nokuchaza ukwenyuka kwamanani awo.

Oyiskhulumi se AA uLayton Beard uthi nakuba irandi lenze kahle uma liqhathaniswa nedollar laseMelika, kodwa lokhu akwenelanga ukudambisa ukwenyuka kwentengo ka oyela.

Kuzokhumbuleka ukuthi intengo ka petrol inyuke ngo 81 cent ilitha ngenyanga eyedlule, kwathi eka diesel neka paraffin yenyuka ngo 58 no 59 cent ilitha ngokulandelana.

uBeard uqhuba ngokuthi kubukeka sengathi nangenyanga ezayo kusazophinda esifanayo.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background