Kusazosinda Kwehlela Kubashayeli
Written by Mfundo on 28 February, 2022
By: Sthulile Mdletshe
I-Automobile Association (AA) ithi kuzophinde kushaye kuzwele ukwenyuka kwentengo ka-petrol kubathengi bakuleli.
Isho kanjena nje, u-petrol uyenyuka futhi ngolwesithathu kulelisonto njengoba usuzobiza imali engaphezu kuka R21 ilitha ezindaweni ezigudle ulwandle.
I-AA ithi lokhu kwenyuka kuzoba nomthelela kuwo wonke umuntu walapha eNingizimu Afrika, njengoba bethembele kakhulu kumkhakha wezolimo nezokuthutha.
UMnyango Wezokumbiwa phansi kanye Namandla usumemezele ukuthi uphethiloli uzokwenyuka ngo-R1.46 ilitha, udizili phakathi kuka-R1,44 ilitha kuya ku -R1,48.
Upharafini wona uzokhuphuka ngo-R1,21 ilitha.
I-AA ithi kuzobe kungokokuqala ngqa emlandweni wakuleli ukuthi ilitha la-petrol lidlule ku R21,60c.