Kusinda Kwehlela Ngemisebenzi Kuleli
Written by Mfundo on 23 February, 2021
By: Sthulile Mdletshe
Isibalo sabantu abangasebenzi eNgingizumu Afrika sinyuke ngo 1.7% safinyelela 32.5% kukota yesine ka 2020.
Umbiko wakwa Stats SA usuveze nokuthi inani labantu asebelahle ithawula ngokufuna umsebenzi nalo lenyukile, ikakhulu ngesikhathi seCOVID-19 esafika kwavalwa amabhizinisi amaningi.
Oyiskhulu esiphezulu sakwa Stats SA u Risenga Maluleke uthi lezibalo zidlula zonke ezake zaqoqwa kusuka ngo 2008.
Inkulumo kaNgqongqoshe wezezimali namhlanje ilindelwe ngabaningi ukuzwa ukuthi zyiziphi iznguquko eza nazo ngodaba lwemisebenzi.
UMaluleke uthi buningi ubunzima izwe elisabhekene nabo nobufike ne COVID-19.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Khonamanjalo, umfelandawonye wezinyunyana i-Congress of South African Union (COSATU) uthi akumangazi ukuthi izinga labantu abangasebenzi lenyuke laya ku-32.5% .
Lenyunya ithi akungasolwa ubhubhane le COVID-19 ngoba lufike vele umnotho wakuleli udonsa kanzima.
Ekhuluma nezindaba zeGagasiFM, unobhala we COSATU KwaZulu-Natal u-Edwin Mkhize uthi basola izinqumo ezimbi zikahulumeni eziholele kulembiko yakwa Stats SA ekhomba ukushabalala kwenqwaba yemisebenzi.
uMkhize ukusho lokhu nje i-Cosatu iqhuba umbhikisho ngokubambisana ne South African Federation of Trade Unions (SAFTU) nezinye izinyunyana ngaphandle kwePhalamende lapho uNgqongqoshe wezemila uTito Mboweni ezokwethula khona isabelo mali.
Unobhala jikelele weSAFTU uZwelinzima Vavi uthi lombiko awubathusi neze.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.