Kusuke Isibhudubhudu Kutheleka Iziphathimandla Esibhedlela
Written by Mfundo on 4 February, 2022
By: Nompendulo Ngubane
Ikomidi lezeMpilo esishayamthetho KwaZulu Natal seligaleleke esibhedlela i-Northdale lingabikile futhi kungazi muntu.
Lelikomidi beliyobheka liphinde lihlole isimo salesi sibhedlela kanye nokuphathwa kweziguli ngabasebenzi emva kwemibiko yabezindaba engemihle mayelana nesibhedlela.
USihlalo waleli komiti uNomakiki Majola, ehambisana nethimba lakhe, ungene ama wadi ahlukahlekene nalapho ethole khona ukuthi kunezinkinga lesi sibhedlela esibhekene nazo nezidalwa umthamo omningi weziguli, nokunganakwa kwabantu abahlala emabhentshini bebuya bephindelela.
U-Nompendulo Ngubane uyabika:
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.