Kusukume Imbokodo Kukhahlelwa uMajodina
Written by Mfundo on 1 June, 2021
By: Sanelisiwe Dlangamandla
Oyilungu lephalamende lamazwe ase Africa iPan African Parliament, uPemmy Majodina, usebonge ukwesekwa akuthole kulandela ukuthi ehlukunyezwe kuleliphalamende abantu bebuka.
uMajodina ukhahlelwe elinye ilunga laleliphalamende uDjibril War wase Senegal ngenkathi kusuka umsindo njengoba bekuqhubeka inkulumo mpikwasanao yamazwe izolo.
Lesisenzo sesisuse uthuthuva olukhulu ephalamende kanye nakubantu baseNingizimu Afrika.
Kumanje iANC isilivulele icala lelilunga kanti uphiko lwabesifazane lalenhlangano luthi akwamukelekile neze okwenzeke izolo njengoba kuvele kunesihlava sokubulawa nokuhlukunyezwa kwabantu besimame emhlabeni jikelele.
uMajodina uthi lelilungu selixolisile.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
VIDEO: Voting disrupted at Pan African Parliament pic.twitter.com/J2L1V02mvg
— SABC News (@SABCNews) May 31, 2021