Kuthe “Hhu” Ku-Thebolla Ebuyela Esikhundleni Sokuba IMeya
Written by Mfundo on 23 November, 2021
By: Nompendulo Ngubane
IMeya kamasipala uMsunduzi, uMzimkhulu Thebolla uthi iqembu elibusayo into eliyifundile emva kokhetho lohulumeni basekhaya ukuthi abavoti kumele balalelwe uma bekhuluma nabaholi.
U-Thebolla usho kanje lapho ethula inkulumo yakhe emva kokukhethwa njenge Meya yalo masipala, nosekuyihlandla lesibili kuyena.
I-ANC inezihlalo ezingu ezingu 40 kulo masipala, ilandelwe iDA ngezihlalo ezingu 16 kanti i EFF yona ithole ezingu 10.
U-Thebolla uqhuba uthi enye yezinselelo ababhekene nazo ukuthi abantu sebelahlekelwe ithemba emaqenjini ezepolitiki.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.