Kutholakale Isidumbu Sowesifazane Sikopolotwe Amehlo

Written by on 15 December, 2020

By: Mthokozisi Manqele

Owesifazane wakwaMhlabuyalingana, enyakatho yeKZN, osekuphele isonto kungaziwa ukuthi wayaphi, utholwe eseshonile, isidumbu sakhe sikopolotwe amehlo.

Lona wesimame uPhilile Mabika wanyamalala ngolwesithathu olwedlule, kade eyothenga esitolo.

Ngokusho komndeni wakhe, kusolwa umfowabo wesoka likaMabika, ngombulala, nothi ubenomona wokuthi umufi ubeseqome umfowabo.

Amaphoyisa asembophile umsolwa lo.

UMthokozisi Manqele uyabika,

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, umalume kaMabika uLucas Mabika,  usetshele izindaba zeGagasi FM ukuthi abasolwa ababili ebebehamba nomsolwa abathi wuye obulele umshana wakhe, sebecele imvume emaphoyiseni aseManguzi ukuba bazoxolisa kuye ngesenzo esenzeke bebuka.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background