Kuvalwe iHhotela Ubukhosi Bulwela Olomhlaba

Written by on 20 April, 2021

By: Mthokozisi Manqele

I-Black First Land First (BLF) isingenelele ekwesekeni ubukhosi bakwaZikhali obaziwa ngobakwaMbila, eMbazwana enyakatho yeKwaZulu-Natal, ezikhalweni zabo mayelana nokuqolwa umhlaba.

Lendlu yobukhosi ithi yaba nesivumelwano ngo 1989 ngenkathi kwakhiwa emhlabeni wayo ihhotela iSodwana Bay Lodge, sokuthi nayo izoba namasheya angu 51%.

Kodwa ithi kuze kube manje ayikaze ithole necenti lalamasheya.

Kumanje ke lobukhosi sebuthathe izikhiye zamagumbi angu 21 aleli hhotela, ezendawo yokudlela kanye nezendawo yokubamba imihlangano, njengoba buthi konke lokhu kulingana nalo 51 percent wamasheya okweletwa wona.

uMthokozisi Manqele obehambele umhlangano phakathi kwe BLF, indlu yobukhosi kanye nabanikazi balendawo uyabika,

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background