Kuvunguza Ukucekelwaphansi Kwemphahla EThekwini

Written by on 6 September, 2022

By: Lindelani Mbatha

Umphakathi wasemijondolo iNew Germany, eReservoir Hills, kuWard 23, ngaphansi kwaMaspala weTheku, ususabise ngokucekela phansi izitolo kanye namaGaraji ka-Petrol uma izidingo zawo zinganakwa.

Lomphakathi kumanje ubambe imibhikisho wavala umgwaqo uM19 kanye noQuarry Road West nosuphazamise ukuhamba kwezimoto ezisuka ePinetwon zilibangise eThekwini.

Ukhala ngokunganakwa ngumasipala weTheku njengoba uthi usuhlale emijondolo kusukela ngo-1996.

Lomphakathi uthi into esidale ukuthi bangenele umbhikisho ukungatholi izimpendulo ezigculisayo ngisho nakukhansela lakulewadi imbala.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background