Kuxwayiswa abashayeli ngokuwela umfula ugcwele

Written by on 14 November, 2019

Abezimo eziphuthumayo sebexwayise umphakathi kanye nabashayeli ukuthi bangazami ukuwela emifuleni edla izindwani.

Abezimo eziphuthumayo basho kanje kulandela isigameko esesigcwele ezinkundleni zokuxhumana lapho itekisi ligugulwe khona umfula uMsunduzi kade lizama ukuwela izolo ngase Campsdrift eMaritzburg.

Kulesigameko esishuthwe ngabantu abehlukene ngomafoni abo kubonakala umshayeli wetekisi ephumangewindi, maqede lagomboqela emfuleni obugcwele kakhulu, naye walilandela.

Listen here:

By: Bright Ntuli

Tagged as

Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background