Kuxuswa Imiphakathi Ukuthi Ibambisane Nabe-Census

Written by on 31 January, 2022

By: ZIlungile Mkhize

Uhlelo lokubalwa kwabantu kulelizwe kulindeleke luqale kulelisonto.

Isikhulu esiphezulu kwa Statistics South Africa, uRisenga Maluleke sesikuqinisekisile ukuthi loluhlelo, iCensus 2022, noluzobanjwa ngezindlela ezahlukene okubalwa nokusetshenziswa kwezobuchwepheshe ba-online, luyaqala ngoLwesithathu.

Uthi abasebenzi abazobe beqoqa imniningwane, bazoqala ngokuqoqa eyezingane ezisanda kuzalwa kanye nabantu abangenamakhaya.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Uthi abantu bazokwazi ukusebenzisa uhlelo lwa-online, kanti nabasebenzi babo bazobe bephuma bengena emakhaya bezogcwalisa imniningwane ethize emphakathini yonke.

Uqhuba ngokuthi yonke lemininingwane izosetshenziswa uhulumeni ezinhlelweni zokunakekela izakhamuzi ngezidingo nokunye.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background