Kuxwayiswa Abahlali Ngesimo Sezulu

Written by on 7 September, 2021

By: Lindelani Mbatha

Inhlangano yabahlali basemjondolo isixwayise labo abahlala ezakhiweni ukuba baqaphele njengoba izulu liqhubeka nokuyidliva.

Abesimo sezulu baqagule ukuthi lisazoqhubeka nokuna kuze kushaye ulwesine ekuseni.

Namhlanje kulindeleke imvula ezoba ngu-80% ezingxenyeni eziningi zesifundazwe saKwaZulu-Natal.

Usekelamengameli walenhlangano, uMqapheli Bonono, uthi abahlali abaqaphele makugcwala imifula abakhe eduze kwayo basheshe basuke noma babikele iziphathimandla.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background