Kuxwayiswa Abantu Ukuthi Baqaphele Ubungozi Bamabhishi

Written by on 20 December, 2022

By: Xolani Khumalo

Iskhungo esibhekelele ezasolwandle i-National Sea Rescue Institute sesixwayise abantu ukuthi baqaphelisise uma beyobhukuda emabhishi kanye nakuma-Swimmining pool.

Lesisixwayiso siza nje eThekwini ngempelasonto kushone abantu abathathu kwathi abanye abangu-17 bathola ukuhlengwa kulandela ukugugulwa yigagasi elinamandla.

Lesgameko kubikwa ukuthi senzeke eNorth beach.

Okhulumela abakwa-NSRI uCraig Lambinon unxusa ukuba abantu baphephe.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background