Kuxwayiswa Abazali Ngokhuvethe Ezikoleni

Written by on 22 June, 2021

By: Bright Ntuli

UNgqongqoshe wezempilo KwaZulu-Natal, uNomagugu Simelane, usenxuse abazali ukuthi bangazidedeli zingane zabo ziye eskoleni uma zinezimpawu zomkhuhlane.

U-Simelane uthi othisha abaqeqeshiwe ukuhlola ukuthi ingane egulayo iphethwe umkhuhlane ojwayelekile noma isine COVID-19 yini.

Uthi ukuze kugwemeke ukuthi zithelelane ngalolubhubhane nokuthi zithelele othisha, okungcono ukuthi leyongane enezimpawu zomkhuhlane iye kohlolwa ukuthi ayinayo yini iCoronavirus ngaphambi kokuthi iye eskoleni.

U-Simelane usho kanjena nje kusasa luzoqala ngokuphelele uhlelo lokugoma othisha kanye nabasebenzi bomnyango wezemfundo ngenhloso yokuzama ukunqanda ukubhebhetheka kwalolubhubhane.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background