Kuxwayiswa Ngomkhonyovu Wemisebenzi Mbumbulu KaHulumeni
Written by Mduduzi Phungula on 12 July, 2023
By: Bright Ntuli
UMnyango wezeMpilo usuxwayise ngomkhonyovu wemisebenzi osusabalele kulezinsuku.
UMnyango uthi usuthole ukuthi kunezigilamkhuba ezithumela abantu abafuna imisebenzi izincwadi ezinophawu lomnyango ezikhomba ukuthi sebeqashiwe.
Uqhuba ngokuthi lezigilamkhuba zibe seziyalela laba ukuthi bafake imali engu-R250 engeke ize ibuye ezosebenza ukuqinisekisa imininingwane abayifake ezicelweni zabo zemisebenzi.
Oyisikhulumi somnyango wezempilo uFoster Mohale uthi uhulumeni akasoze nangelilodwa ilanga ayalele abantu ukuthi bakhokhele izicelo zemisebenzi.
UMohale uthi uma ufake isicelo kunoma yimuphi umnyango, bese kuthiwa faka imali, kumele wazi ukuthi uqolwa yizigebengu.