Kuyakhinyabeza Ukucishwa Kukagesi Emabhizinisini Asemalokishini

Written by on 12 December, 2022

By: Dawud Phungula

Inhlangano yosomabhizinisi basemalokishini, i-Township Entrepreneurs Alliance (TEA) ithi osomabhizinisi bathwele kanzima ngenxa yokucishwa kukagesi.

Isho kanje njengoba uEskom umemezele ukuthi izwe lizoba ku stage 5 we-loadshedding.

Okhulumela lenhlangano, UBulelani Balabala, uthi osomabhizinisi abaningi basemalokishini bathembele kakhulu kugesi ukuqhuba amabhizinisi abo.

Uthi kuyamangaza ukuthi uhulumeni uthi badlala indima enkulu emnothweni wakulelizwe kodwa ababizwa uma kumele kuthathwe izinqumo ezithize.

UBalabala uthi osomabhizinisi basemalokishini babhekene nenkulu inselelo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background