Kuyasinda Kuyehlela Ngamathuba Emisebenzi Kuleli

Written by on 2 June, 2021

By: Zilungile Mkhize

Usomnotho uDawie Roodt uthi ukwenyuka kwezibalo zabantu abangasebenzi kulelizwe akumangazanga neze, njengoba bekuyinto ebivele ilindelwe.

Izinga labantu abangasebenzi kuleli likhuphuke laya ku-32.6% phakathi kukaJanuary noMarch, nonyaka.

Lesibalo senyuke ngo -0-point-1% kusuka kwikota yokugcina ka-2020.

I-Eastern Cape yiyo ehamba phambili ngesibalo esiphezulu sabantu abangasebenzi njengoba bengu 43 kwabangu 100, ilandelwa yiFree State neGauteng.

URoodt uthi yize zingabathusanga lezizibalo, kodwa akusizo abebezilindele njengoba bebethi zingase zibephezulu kakhulu kunalokhu okubikiwe.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background