Kuyingozi Ukusebenzisa Izinsiza Zikahulumeni Ukukhankasela Izinketho- Thami Ntuli

Written by on 12 June, 2023

By: Lindelani Mbatha

Usihlalo we-Inkatha Freedom Party (IFP), uThami Ntuli, uthi ukhathazekile ngokusebenzisa izinsiza zikahulumeni ukukhankasela izinketho zokuchibiyela.

UNtuli uphawule kanjena ngesikhathi kuqhubeka iRally yeNkatha kuWard 2 ngaphansi komasipala uMvoti.

Ngempelasonto uNgqongqoshe wakwaCogta, uBongiwe Sithole-Moloi, ubehambele kuWard 14, ngaphansi komasipala iLangalibalele ukuyohlinzeka umphakathi ngezidingo.

Kodwa kwenzeke ingwijikhwebu ngesikhathi kusuka ingxabano phakathi kwamalungu eAfrican National Congress (ANC) kanye nawe-Inkatha Freedom Party (IFP) abethamele lomcimbi kahulumeni egqoke umfaniswano wezepolitiki.

Kusuke esinamathambo uNgqongqoshe wagcina engakwazanga ukukhuluma nomphakathi.

UNtuli uthi ukusebenzisa izinsiza zikahulumeni ukukhankasela izinketho kuyingozi kakhulu.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, oyisikhulumi seANC KwaZulu-Natal, uMafika Mndebele, uthi ngeke akwazi ukuphendula kuloludaba njengoba ephesheya kwezilwandle.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background