Kuyinkinga Ukwanda Kwezibhamu Ezingekho Emthethweni

Written by on 12 July, 2022

By: Zilungile Mkhize

Ukhomishana wamaphoyisa esifundazweni  saKwaZulu-Natal uNhlanhla Mkhwanazi uthi inkinga yokutholakala kalula kwezinhlamvu kanye nezibhamu ezingekho emthethweni sekuphenduke insakavukela umchilo wesidwaba emphakathini.

UMkhwanazi uthi lezibhamu yizo ezisetshenziswa ukuqhuba ubugebengu obushiya kukhalwa emindenini ngenxa yokuchitheka kwegazi.

Uphawule kanjena nje, emvakokuhambela eSweetwaters ePietermaritzburg kulandela isigameko sokudutshulwa kubulawe abantu abane, kwasala kwembulwa kwembeswa kwabanye abangu 8.

Uthi nabo basafuna ibhekisiswe eyemthetho yezibhamu, nokutholakala kwazo kalula njengoba ezinye zazo ziphelela ezenzweni zobugebengu.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background