Kuza Nezinkinga Ukushoda Kwama-Ambulance….
Written by Mduduzi Phungula on 8 December, 2022
By: Dawud Phungula
Inhlangano engenzi nzuzo i-SA Private Ambulance & Emergency Services Association, ithi ngenxa yokushoda kwama-ambulensi, imtholampilo kuyayiphoqa ukuthi ithembele ezinkampanini ezizimele ukuthi zivale iskhala.
Lenhlangano isho kanje ngemuva kombiko owethulwe ugqongqoshe Wezempilo uJoe Phaahla ePhalamende muva nje.
UPhaahla uveze ukuthi izwe linama-ambulensi angaphansi kwalawo eliwadingayo ukubhekana nezidingo zezempilo zabantu.
Okwamanje, kushoda ama-ambulensi angu-3 401, kanti izimoto ezingaphezu kuka-900 azisebenzi, njengoba zidinga ukulungiswa.
Izibalo zokushoda kwama-ambulensi omphakathi KwaZulu-Natal zimi ku-742.
Okhulumela lenhlangano uPaul Herbst uthi lengqinamba iphazmisa ukusebenza kwezempilo esfundazweni.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.