Kuzophenywa Amajaji Asolwa Ngenkohlakalo

Written by on 12 May, 2021

By: Zilugile Mkhize

Inhlangano elwela amalungelo iOpen Secrets ithi ijabulile ngokuqala kohlelo oluzoqinisekisa ukuthi amajaji asolwa ngenkohlakalo ethinta ukuqulwa kwamacala okuthengwa kwezikhali, naziwa ngawe-Arms Deal, azothathelwa izinyathelo.

I-Open Secrets isebenzisana ne Shadow World Investigations bafaka isikhalo ngo-August wangonyaka odlule ngalo loludaba.

Lezinhlangano zisho kanjena nje, ikomidi elibhekelele ukuziphatha kwamaJaji lizohlangana ngenyanga ezayo ukubheka ukuthi ngabe izikhalo ezikhona ngokuziphatha kwamajaji, uWillie Seriti noHendrick Musi, kufanele kuphenywe yini.

Lelikomidi lizodingida nangokuthi lezinsolo kufanele yini zidluliselwe ku Judicial Conduct Tribunal.

Umqondisi we-Open Secrets uHennie van Vuuren uyenaba,

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background