Kuzoqhubeka ukulalelwa kwesicelo sika Zuma ngesinqumo se ANC.
Written by Phakeme Mnguni on 1 November, 2024
By: Zilungile Mkhize
I Jacob Zuma Foundation ithi ukulalelwa kwesicelo sokuphikisa isinqumo sekomidi lokuqondiswa izigwegwe le-ANC, saloyo owayengumengameli walenhlangano uJacob Zuma, kuzoqala namhlanje.
UZuma waxoshwa ku-ANC ngenxa yokusungula ahole enye inhlangano i-MK Party esayilungu likaKhongolose.
iJZ Foundation ithi loluhlelo lokuphikisa isinqumo sokuxoshwa kwakhe, sizobanjwa ngezobuchepheshe za online, yize uZuma ethi ufuna ukuvela mathupha phambi kwekomidi.
Loyo omele uZuma, nongumakadebona we ANC uTony Yengeni, uhlela ukucela ukuthi kube nesigcawu lapho uZuma ezoqale akhulume khona esidlangalaleni ngezinkinga afisa ukudlula kuzona ezithinta izinkinga ezithile kuqala.
U Zuma watholwa enecala lokwephula umthetho 25.17.17.4 womthethosisekelo we-ANC, ofundeka kanje, “emele noma ngokubambisana nenhlangano yezepolitiki noma iqembu ngaphandle kwenhlangano noma iqembu elihlangene ne-ANC ngendlela ephambana nezinhloso.,imigomo nezinhloso ze-ANC”.
Waphinde watholwa enecala lokwephula umthetho 25.17.13 womthethosisekelo we-ANC, ofundeka kanje: “Ukujoyina noma ukweseka inhlangano noma iqembu lezepolitiki, ngaphandle kwenhlangano ehlangene ne-ANC, ngendlela ephambana nezinhloso, kanye nenqubomgomo ye-ANC”.
Ngo-Agasti, uNobhala-Jikelele we-ANC, uFikile Mbalula, wathi uZuma akazange asifake isicelo sakhe ezinsukwini ezingu-21 ayenqunyelwe zona, futhi inhlangano yambheka njengoxoshiwe. Kodwa-ke, ekuqaleni kwaleli sonto, i-SABC ibike ukuthi uMbalula uthe uZuma “wafaka isikhalo ngokuhambisana nemiyalelo yomthethosisekelo ye-ANC”.