Kuzosinda Kwehlela Kulobusika Ngenxa Kagesi- Ramaphosa

Written by on 15 May, 2023

By: Lindelani Mbatha

Umengameli we-African National Congress, uCyril Ramaphosa, uthi ubusika balonyaka buzoba yinkinga enkulu njengoba izwe libhekene nengwadla yokucishwa kukagesi.

URamaphosa uphawule kanje ngesikhathi ekhuluma namalunga elenhlangano eChatsworth eNingizimu yeTheku.

INingizimu Africa ibhekene nenkinga ye-Loadshedding nedala omkhulu umonakalo ikakhulukazi emnothweni wezwe njengoba amabhizinisi amaningi engakwazi ukusebenza uma ugesi ungekho nokuholela ekutheni amaningi awo agcine ewile.

URamaphosa uthi ukuqoka kukahulumeni uNgqongqoshe kaGesi uKgosientsho Ramokgopa kuhlose ukubhekana nalenkinga.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background