Kwakungaba Umona Ukuhamba Ngedwa Ngendizamshini eya eZimbabwe: Mapisa-Nqakula

Written by on 19 November, 2020

By: Zilungile Mkhize

UNgqongqoshe wezokuvikela uNosiviwe Mapisa Nqakula usetshele amalubhu ePhalamende, ukuthi wayengeke avele asuke kuleli lengabade, egengqeza yedwa kwindiza yombuso ebe azi kahle ukuthi idla inqwaba yamagane ka woyela.

UMapisa Nqakula, ubephendula imibuzo ePhamalende ngezigameko ezahlukene ezithinta umnyango wakhe.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngo September, uMapisa Nqakula wasebenzisa indiza yombuso, nekhokhelwa ngabakhokhi bentela ohambweni olwaluya eZimbabwe nokwakhukhona namalungu esigungu esiphezulu eANC kulohambo.

Ukusetshenziswa kwalendiza kwasusa omkhulu umsindo, nokwaphoqa ukuba umengameli asungule uphenyo ngokusetshenziwa kwayo ukuthwala iqembu leANC.

UMapisa Nqakula uthi kwakungeke kuwenze umqondo ukuhamba yedwa, egcizelela ngokuthi iANC yagcina ikhokhile ngaloluhambo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background