KZN DSD no-SANTACO Balwa Nesihlava se-GBV

Written by on 8 December, 2020

By: Nompendulo Ngubane

Imboni yamatekisi ithi izimisele ukusebenzisana nohulumemi ukuthumela umyalezo wokulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.

Inhlangano ebhekelele esomateksi iSANTACO ikusho lokhu nje seyisayinde isivumelwane noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni, nalapho besho ngazwi linye ukuthi bazofundisa abagibeli bamatekisi ngobubi bokubulawa kuphinde kuhlukunyezwe abasifazane nezingane.

USihlalo we SANTACO KwaZulu-Natal, u Boy Zondi uthi amatekisi abo azofakwa izigqebhezana ezinomyalezo oqwashisa ngasesihlava.

Uqhuba uthi lomyalezo uzokwazi ukufinyelela kubantu abaningi, njengoba izithuthi zabo zithutha umphakathi obalelwa ku 6 million ngosuku.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo uNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi KwaZulu-Natal uNonhlanhla Khoza uthi loluhlelo luzolekelela kakhulu ekuhlabeni ikhwelo ngalesisihlava kulesifundazwe.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Continue reading

Gagasi FM

What You Want to Hear



Background