Lihlehlile Futhi Icala Lika-Zuma Enkantolo

Written by on 17 April, 2023

By: Lindelani Mbatha

Icala lenkohlakalo kanye nokukhwabanisa elibhekene nowayenguMengameli wezwe, uJacob Zuma, kanye nenkampani yase France eyakha izikhali iThales selihlehliselwe umhlaka 15 August eNkantolo ePhakeme ePietermaritzburg

Ukuhlehliswa kwalelicala kuzonikeza uZuma ithuba lokuthi afake isicelo sesibili sokuba kugudluzwe umshushisi wombuso uAdvocate Billy Downer kulelicala.

UZuma kanye nayo inkampani iThales, babhekene namacala ahlukene abandakanya inkohlakalo eyabakhona kuthengwa izikhali ngeminyaka yango 1990.

Ijaji kulelicala uNkosinathi Chili, selikubeke kwacaca ukuthi okwamanje alikahleli ukunquma usuku lokuqhubeka kwecala.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background