Lihlehlile icala lokubulawa kuka Ayabonga Mjilo.
Written by Phakeme Mnguni on 6 January, 2025
By: Pamella Majola
Inkantolo yeMantshi yaseThekwini isilihlehlisile icala lika Mfanafuthi Kunene oneminyaka engu 37 ubudala osolwa ngokuthumba aphinde abulale uAyabonga Mjilo.
Ngokwemibiko yamaphoyisa uMjilo wase Hlokozi eningizimu ye KZN, oneminyaka engu 21 ubudaba wagcina ukubonakala ephuma esitolo sokudla eMhlanga eThekwini hamba naye uKunene ngezintatha zikaKhisimusi.
Kanti umndeni wakhe bese kuphele isikhathi esingaphezu kwesonto lonke umcinga ufaka nezithombe kakhe ezinkundleni zokuxhumana.
U Kunene ke kubikwa ukuthi nguye ozinikele ezandleni zabomthetho nokuholele ekutholakaleni kwesidumbu sika Mjilo ebesingcwatshwe egodini elifushane egcekeni lomuzi ka Kunene eMaoti eNanda enyakatho neTheku.
Lelicala lizoqhubeka ngomhlaka 26 February.