Inhlasi Yethemba Ngengqungquthela Yokukhetha Ubuholi Be-Women’s League

Written by on 11 July, 2023

By: Buhle Mbhele

I-ANC Women’s League ithi lisekhona ithemba lokuthi ingqungquthela yayo yokukhetha ubuholi obusha isazokwenzeka.

Umgqugquzeli waloluphiko, uMaropene Ramokgopa, usetshele isithangami sabezindaba eGauteng ukuthi yize noma besabhekene nezinkinga eziningi njengenhlangano, nezilokhu zibambezela ukuhlala kwengqungquthela yabo, kodwa bayazi ukuthi nakanjani isazohlala.

Sekuvele ukuthi kusekuningi okumele kwenziwe ngaphambi kokuba kuhlale ingqungquthela ye-ANC Woman’s League, njengoba iphinde yahlehla futhi ekutheni ibanjwe ngalempesonto ezayo.

Lenhlangano isibeke umhlaka 21 kuya ku-23 kulenyanga njengezinsuku abazokhetha ngazo ubuholi obusha.

URamokgopa uyenaba.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background