Lingase libuyele emuva icala lika Meyiwa.
Written by Phakeme Mnguni on 12 December, 2024
By: Sthulile Mdletshe
Icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa lingase liphinde libambezeleke kulandela ukushona isigubhukane kommeli uThulani Mngomezulu obemele ummangalelwa wesine uMuzi Sibiya.
UMngomezulu uqale ukumela uSibiya ngemuva kokuthi lommangalelwa exoshe ummeli wakhe waphambilini.
Ube esejoyina phakathi nalapho bese kuqulwa khona icala phakathi kwecala, elihlola izitatimende zabasolwa zokuvuma icala.
UMngomezulu besekuphele amasonto engalubhadi enkantolo kanti ubezohloma ngemibuzo ofakazi.
Evela enkantolo izolo uSibiya ukhethe ukuqhubeka naleli cala elinohlonze, emelwe ummeli ohlinzekwa uhulumeni.