Lingase Liphinde Lihlehliswe Icala lika-Zuma

Written by on 24 May, 2021

By: Lindelani Mbatha

Ungoti wezomthetho, uMpumelelo Zikalala, uthi isicelo sikalowo owayengumengameli uJacob Zuma sokuthi kuhoxiswe umshushisi wombuso uBilly Downer, kungenzeka sihlehlise ukulalelwa kwecala abhekene nalo lenkohlakalo.

uZuma ufake isicele enkantolo yamajaji eMgungundlovu, ukuthi akhishwe uDowner kulelicala lenkohlakalo elenzeka ngesikhathi kuthengwa izikhali, okulindeleke ukuthi lilalelwe ngolwesithathu.

Umsola ngokwenzelela nanokuthatha uhlangothi ngesikhathi ehambisana nenhlangano iDA, eyayifuna liqalephansi lelicala.

uZikalala uthi uma inkantolo ingasichitha isicelo sakhe, angadlulela enkantolo yokudluliselwa kwamacala, bese noma kanjani lelicala liyahlehla.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background