Liphase Ngamalengiso Iklasi Lika-Matric 2021

Written by on 21 January, 2022

By: Sanelisiwe Dlangamandla

Umnyango wezemfundo emazingeni ayisisekelo uthi iklasi lika matikuletsheni langonyaka owedlule liphase ngo 76.4 wamaphesenti, nokusho ukuthi lenyuke ngo 0.2% uma liqhathaniswa nelango 2020.

Wethula imiphumela eGoli,  lomnyango uthi babe baningi kuneminye iminyaka abafundi ababhale izivivinyo zika-matric ngonyaka owedlule.

Umqondisi Jikelele, uHubert Mathanzima-Mweli uthi lokhu kuyancomeka kakhulu ngoba ziningi izihibe labafundi abahlangabezane nazo nokubalwa kuzo iCOVID19, iLoadshedding kanye nezidubedube zangongo July.

U-Mweli uthi lesibalo kumele kusetshenzelwe ukuba sande kunokuba sehle ngoba ukwehla kwaso kusho ukuthi kunabafundi abayeka isikole.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background