LISTEN: Ukuhamba kwezimoto sekuphazamisekile emgwaqeni uM5 KwaMashu

Written by on 27 May, 2020

Ukuhamba kwezimoto sekuphazamisekile emgwaqeni uM5 noDumisani Makhaye KwaMashu enyakatho yeTheku, njengoba umphakathi uqhuba umbikisho ukhala ngokungabi nogesi nezinye izinsiza.

Lomphakathi wase Siyanda A no B, kumanje ushisa amathayi, kanye nemfucuza kulomgwaqo uthi ufuna umkhandlu uwuhlinzeke ngogesi osekuphele izinsuku wanqanyulwa.

Listen here:

Podcast stream by Fabrik.fm

By: Lindelani Mbatha

Tagged as

Gagasi FM

What You Want to Hear



Background