Livuliwe Iwindi Likashwele eMthonjaneni

Written by on 8 June, 2023

By: Bright Ntuli

UMkhandlu waseMthonjaneni enyaktho yeKwaZulu-Natal usunxuse abashayeli abanamathikithi omgwaqo ukuthi basebenzise ithuba elivuliwe lokunciphisa isikweletu.

UMeya walomkhandlu uMbangiseni Biyela uthi isaphulelo sika 50 percent samathikithi omgwaqo sivulwe ngemva kokubona senyuka isibalo sabashayeli abashayela namathikithi nokuyinto abangaboshelwa yona.

Usephinde wanxusa abashayeli ukuba baqinisekise ukuthi izimoto zabo zisesimweni esikulungele ukuba semigwaqeni baphinde bagcine yonke imithetho yomgwaqo.

UBiyela uthi lesaphulelo sizophela ngomhlaka-30 kulenyanga

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background