Liyabuyela Enkantolo Elokubulawa Kuka-Meyiwa

Written by on 11 April, 2022

By: Bright Ntuli

Icala lokubulawa kukaloyo owayengunozinti kanye nokapteni weqembu lesizwe lebhola lezinyawo iBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, kulindeleke ukuthi lingene namhlanje enkantolo yamajaji iNorth Gauteng High Court, ePitoli.

Inhlangano yamalungelo abantu iAfriforum ithi umama ka Meyiwa kanye nodadewabo sebenxuse uphiko lwayo lwezokushushisa ukuthi lililandele eduze lelicala.

U-Meyiwa wadutshulwa wabulawa ekhaya likaloyo owayeyintombi yakhe uKelly Khumalo ngo 2014.

Namhlanje kulindeleke ukuthi abalisa abangu-5 abasolwa ngokuba nesandla ekubulaweni kuka Meyiwa bavele enkantolo.

Babhekene namacala ekubalwa kuwo ukubulala, ukuzama ukubulala, ukuphanga behlomile, kanye nelokutholakala nesbhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu.


Continue reading

Gagasi FM

What You Want to Hear



Background