Liyaqhubeka icala elibhekene noZuma

Written by on 22 November, 2019

Abameli balowo owayengumengameli wezwe, uJacob Zuma, bathi basamile ekutheni amacala abhekene noZuma anenhlese yezepolitiki yokudicilela phansi isithunzi negama lakhe.

Lokhu kushiwo ngummeli kaZuma, uMuzi Sikhakhane, njengoba kuqhubeka ukulalelwa kwezicelo zabammeli bakaZuma nalabo benkampani yezikhali yaphesheya iThales sokuchithwa kwamacala ababhekene nawo.

USikhakhane uthi ukubhecwa kukaZuma ngalamacala kugqame kakhulu ngesikhathi kuyiwa engqungqutheleni yasePolokwane ngo2007 eyayizokhetha umholi phakathi kukaZuma noThabo Mbeki.

Listen here:

By: Bongani Gina


Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background