Lubhekwe Ngeso Elibanzi Ukhetho Lokuchibiyela Maphakathi Ne-KZN

Written by on 28 June, 2023

By: Lindelani Mbatha

Ukhetho lokuchibiyela ngaphansi komasipala i-Alfred Duma kanjalo neNkosi Langalibalele kulindeleke ukuthi kube ngolushubile.

Amaqembu ahlukahlukene ezombusazwe abonakale eqhuba imikhankaso eshubile njengoba ekuqaleni kwenyanga kwaphazamiseka ngisho umcimbi womnyango wakwa-Cogta.

Inkosi Langalibalele izoba nezinketho kuWard 5, 14 kanye no-21   besekuthi i-Alfred Duma yona ibenokhetho ku-Ward 29.

Umasipala weTheku wona uzobamba ukhetho lokuchibiyela ku-Ward 1.

Usihlalo we-Inkatha Freedom Party eKZN, uThami Ntuli, uthi uyathemba ukuthi abantu bazoyeseka iIFP.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo owe-African National Congress (ANC) Josiah Gumede Region, uBheki Khanyile, uthi banethemba lokuthi umphakathi uzophuma ngobuningi ukuyovota.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background