Lucas Radebe ubona iChiefs isazothwala kanzima noma isilande uMolefi Ntseki.

Written by on 1 July, 2023

By: Simtho Dladla

U-Lucas Radebe akakholelwa ukuthi iqembu le-Kaizer Chiefs lingakwazi ukuphazamisa umgqigqo we-Mamelodi Sundowns ukutheni iphinde ithathe iLigi. AmaSandawane asaqhubeka nokuba ngomakhonya kwi- Premiership kulandela ukunqoba kwabo i-Ligi amahlandla ayisithupha kulandelana.

Kolunye uhlangothi Amakhosi asanda kumemezela uMolefi Ntseki njengomqeqeshi omusha waleliqembu kanti uRadebe uthi kwayena uNtseki akekho ezingeni lokuqeqesha leliqembu.
URhoo usashaqekile ngesenzo se-Chiefs sokuqoka uNtseki nabona ebhekene nomsebenzi omkhulu ukuthi abuyise isithunzi saleliqembu.

Abalandeli baleliqembu laseNaturena bahlekene phakathi ngaloludaba njengoba iningi labo alihambisani neze nalesenzo sokuqokwa kukaNtsheki. ”Isazoqhubeka (Sundowns) nokwenza kahle kuleminyaka ezayo ezayo ikakhulu kazi ebholeni lakuleli. Ngebhadi uma kubhekwa ngasemalini, amandla amadoda awalingani kanti iiqiniso elimsulwa ke ukuthi isikhwama sabo (Sundowns) isona esenza bahluke kakhulu kwamanye amaqembu.”

”Kuyadingeka ukuthi kenziwe izinto ngobunyoninco siphinde sibheke izimpilo nokuziphatha kwabadlali. Noma ubheka eqenjini lesizwe (Bafana Bafana) alikho ezingele okumele ngabe likulona. Liningi ikhona esinalo kuleli kodwa asinabo abaholi abaqotho abangakwazi ukushintsha izinto.”

uNtseki ungumqeqeshi wesikhombisa ukuthatha izintambo kuKaizer Chiefs kuleminyaka emihlanu eyedlule kanti kuyona leyominyaka basahluleka ukuthatha indene yeLigi. Bangena kunyaka wesishiyagalolunye ngaphandle kokuwina isicoco njengoba bagcina ngonyaka ka-2015 ukuqukula iLigi ngaphansi komqeqeshi uStuart Baxter.

Uke waqeqesha iqembu lesizwe lakuleli labafana abancane ngaphambi kokuqhoqhobala isikhundla kuBafana Bafana ngonyaka ka-2019 nalapho ahluleka khona ukulifaka kwi- 2021 Africa Cup of Nations.

Image: Gallo Images


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background