Lusamisiwe Okwesikhashana Uhlelo Lokugoma Kulandela Imiphumela Yocwaningo

Written by on 8 February, 2021

By: Bright Ntuli

Amathemba eNingizimu Africa ngomjovo wokugommela ubhubhane i COVID-19 i AstraZaneca abukeka emfimfa njengoba lomjovo osanda kuthengwa e-India kungaveli ukuthi uyakwazi ukuvikela abantu bakuleli ekutheni bathole leligciwane.

Lokhu kulandela ucwaningo olwenziwe kubantu abangu 2 thousand abaneminyaka engu 18 kuya ku 65, kusukela ngo mhlaka 24 June kuya ku mhlaka 9 November ngonyaka owedlule.

Ngokwalolucwaningo lomjovo odle uhulumeni wakuleli izigidigidi zamarandi nofike ngesonto eledlule, abukho ubufakazi obuqanda ikhanda bokuthi uzokwazi ukuvikela abantu bakuleli ohlotsheni lwe Corona virus olutholakala kuleli i 501.v2 variant.

Nokho usolwazi enyuvesi yase Wits eGauteng uShabir Madhi usho kanje.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo usekela mqondisi jikelele womnyango wezempilo uAnban Pillay uthi lemijovo izophelelwa iskhathi ngo-April.

uPillay uqhuba ngokuthi  lokhu bakubone ngesikhathi lemijovo isize yafika kuleli.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 

 

 

 

 

Mkhize, believes that South Africa is right on track to roll out its vaccination campaign, which is due to start in a few days.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background