Lusaxakile Olwamanzi eMhlathuze

Written by on 4 March, 2021

By: Lindelani Mbatha

Isigungu somasipala uMhlathuze sesinxuse imenenja yalomkhandlu, uLulamile Mapholoba, ukuba yenze uphenyo ngokunqamuka kwamanzi.

Ngenyanga eyedlule umphakathi wasesiKhaleni eMpangeni, enyakatho yekwaZulu-Natal, wavuka umbhejazane wavala imigwaqo ukhala ngokuntuleka kwentuthuko.

Okunye umphakathi okhala ngakho ukushoda kwamanzi.

Oyisikhulumi salomasipala uMdu Ncalane uthi bafuna ukuthola ukuthi yini lena ebangela ukuthi kuhlezi kunokuqhuma kwamapayipi amanzi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background