Lutho Ukuvela Enkantolo uAgrizzi

Written by on 26 November, 2020

By: Lindelani Mbatha

Uphiko lezokushushisa i-Investigative Directorate ngaphansi kwe-NPA luthi sekukhishwe icwadi egunyaza ukuboshwa kwalowo owayeyisikhulu esiphezulu eBosasa uAngelo Agrizzi.

uAgrizzi bekulindeleke ukuthi avele enkantolo ngamacala ahlukene ePitoli nabasolwa okufakaphakathi ababeyizikhulu zomnyango wezokuhlunyeleliswa kwezimilo uLinda Mti noPatrick Gillingham kanye nowayeyisikhulu esiphezulu eBosasa uAndries Van Tonder.

Abameli bakhe babeke izizathu zokuthi uAgrizzi usaxinwe wukugula esibhedlela.

Babhekene namacala enkohlakalo, ukukhwabanisa kanye nokushitshashitshana ngemali elinganiselwa ku-R1.8 billion wamarandi ngendlela engafanele.

Oyisikhulumi se-Investigative directorate uSindisiwe Twala uyanaba.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background