Luyaqala Namhlanje Uhlelo Oluhlose Ukugoma Izigidi Zabantu Kuleli
Written by Mfundo on 3 December, 2021
By: Zilungile Mkhize
UNgqongqoshe wezempilo uJoe Phaahla uthi bahlose ukugoma okungenani abantu abangu 1-million esikhathini esingangesonto.
Lokhu bazokwenza ngomkhankaso kahulumeni wokukhuthaza abantu ukuthi baphume ngobuningi bayogoma, i-Vooma Vaccination, ozoqala khona namhlanje kanti uzodonsa isonto lonke kuze kuyoshaya umhlaka 10 December.
Isibalo sabantu abagoma ngaphansi kwalomkhankaso owaba ngezimpelasonto ku-October nango November, asidlulanga ngisho naku 650 000.
U-Phaahla uthi abantu mabayisukumele indaba yokugoma, ngoma izosiza ukubanika ithuba lokuthi amasosha omzimba akwazi ukumelana nomkhuhlane we COVID-19 uma ubahlasela.
Uthi njengoba sekubheduke nohlobo lwe Omicron COVID-19, okungakaziwa amandla alo angakanani, kusemqoka ukuthola imigomo ekhona ezweni.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.